Umakoti ongabatholi abantwana uyaphiwa ingane emndenini isithombe| Operation Bobbi Bear
SIYAZI sonke ukuthi akuthina sonke bantu besifazane esinenhlanhla yokuthola abantwana. Kwesinye isikhathi - hhayi ngoba singenayo inzalo - kuyenzeka kube yizinkinga ezithile eziba imbangela yalokho. Kuba nzima kakhulu ke uma ungowesifazane oshadile osemzini kodwa ungabatholi nhlobo abantwana ngisho usuzame kangakanani, usuhambe nodokotela kodwa lutho singahlali isisu.
Yebo, uma ungumakoti emzini kuhlezi kulindelwe ukuthi kube uwena okhulelwayo kodwa ke kwesinye isikhathi uke uthole ukuthi inkinga ayikho kuwena kodwa ikumkhwenyana wakho oshade naye.
Kubuhlungu ke ukuba umakoti "ongazali", njengoba ngezikhathi zakudala sikhule thina umakoti ongenayo inhlanhla yabantwana emzini ephiwa ingane. Uma sikhuluma ngokuphiwa ingane, sisho ukuthi bekuhlalwa phansi umndeni ubonisane, uvumelane ebese ucela komunye umakoti okhona egcekeni onezingane ukuthi asisele okanye aboleke umnakwabo ingane. Leyo ngane izohlala naye ikhulele kuye ayithathe njengeyakhe futhi lokho kusuke kwenzelwa ukuthi naye abe nengane azoyithuma futhi angabi nomzwayedwa wokuthi akabatholi abantwana.
Angazi ke noma lokho kusenziwa yini kweminye imizi kodwa khona kwakubukeka kuyinto enhle ukuze nalona ongabatholi abantwana kungazweli kakhulu kuyena ukuthi akanangane, agcine esezibona njengento engelutho emzini.
Ngisuswa udaba engilubone ezinkundleni zokuxhumana lapho khona owesifazane ebesho ukuthi ushadile unomnakwabo ongabatholi abantwana ekubeni yena unezingane ezine. Uqhube wathi umndeni ucela ukuthi anikeze umnakwabo ingane eyodwa kodwa yena akafuni. Ngibe sengimluleka ngokuthi avume ngoba umnakwabo uyadinga ukuba nomuntu azoxoxa naye endlini aphinde akwazi nokumthuma.
Ngokwenza lokho, kusuke kungasachazi ukuthi ingane akuseyona eyakho kodwa usuke unikeza umnakwenu ngothando nangesihle. Ngaphandle kwalokho, vele sikhule kuyinto eyenziwayo, ngisho ngabe akuseyona ekamnakwenu mhlawumbe ugane wedwa kuloyo muzi kodwa ubunikezwa ingane kwezisegcekeni ukuthi kube eyakho ibhekane nawe, ihlale nawe ukwazi nokuyithuma noma ikuphi.
Kunzima ukuba owesifazane ofisayo ukuba nabantwana kodwa ungabatholi ikakhulukazi uma usemzini ushadile. Siyafisa abasemzini bayeke ukuba namagama aziswana abawabhekisa kumakoti uma engabatholi abantwana ngoba naye usuke engathandi kodwa yisimo azithola ebhekene naso. Abantu kumele bazijwayeze ukuba nozwelo kwabanye abantu besifazane.
Omamezala nabesifazane bakulowo mndeni okusuke kunomakoti ongabatholi abantwana, yibona abajwayele ukuba yinkinga. Abanye baze bafunele ngisho umfowabo intombi ngethemba lokuthi yona izofike ikhulelwe. Ave ke uNkulunkulu ungeke wamazi ukuthi uhlelani. Ningamfunela lowo muntu wesifazane naye afike abe nekinga efanayo. Yingakho kubalulekile ukwesekana kule nkinga.
Uma ikhona indlela, umakoti akanikezwe ingane angahlala nayo ekhaya. Ukungazali yinto engehlela noma ubani ngakho ke akuyona into okumele kuhlekiswe ngayo okanye uthukwe ngayo. Ngiyafisa futhi ukuthi uma nishadile ningabatholi abantwana ningaqalazi ohlangothini lukamakoti kuphela kodwa nibheke nakumkhwenyana ngoba nowesilisa kuyenzeka uthole ukuthi akakwazi ukwenza ukuthola ingane. Yingakho ongoti bezempilo beyaye bathi uma ningabatholi abantwana, kumele nixilongwe nobabili, owesifazane nowesilisa ukuze kuvele ukuthi inkinga ingakuphi.
Related Topics: