UMBHALI wezincwadi nomhleli wemicimbi uFikile Simelane Isithombe: SITHUNYELWE
UKUFUNA ukushumayela ivangeli lokuthandana nokubhunga ngezingqinamba ezibhekana nabantu othandweni, ngezinye zezizathu ezenze ababhali besifazane banquma ukuthi benze umcimbi wokwethula izincwadi zabo, ondikimba yazo egxile kwezothando nokweyamane nalo kuphela.
Kulo mcimbi ozoba se-Area Based Management, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-11 ekuseni, kuzokwethulwa incwadi ethi Love Has No Colour kaFikile Simelane, A Piece of Moonlight kaZanele Ngubane, Ubuhlungu Bokuthanda Ungathandwa kaBongi Malishe nethi And Give Us This Day, Our Daily Hope kaLungile Dlamini.
Emcimbini kuzobe kungenwa mahhala futhi kudayiswa zonke lezi zincwadi, kanti izingxoxo zomcimbi zizobe zenganyelwe wuPearl Gabayi, kuthi uhlelo luqondiswe wuSkhona Skhosana.
Umgqugquzeli womcimbi, uFikile Simelane, uthe inhloso yakhe ngawo wukuhlanganisa ababhali besifazane bodwa ukuze bathole ithuba lokusabalalisa umsebenzi wabo wobuciko ebantwini.
“Nokuthi njengoba sikuFebhuwari, inyanga eyaziwa ngokuthi ngeyothando, ngibone kungakuhle ukuthi kuhlangane ababhali abanezincwadi ezinendikimba eqondene nalokho, bese futhi kubhungwa ngezinto nezinkinga eziningi ezibhekana nabantu othandweni. Laba babhali kubalwa nami uqobo esibhale ngazo ezincwadi zethu esizozethula emcimbini,” kusho uFikile Simelane.
Ubonge uphiko lwezincwadi nemitapo yolwazi kuMasipala weTheku iThekwini Municipal Libraries and Area Based Management, KZN Women Authors Forum neSanda Skills Development ngeqhaza abalibambile kuhlelwa lo mcimbi. Unxuse abantu baphume ngobuningi babo ukuzowethamela.
Related Topics: