WAYESHAYELWA indesheni kanje uMnuz Kabelo Gwamanda eseyiMeya yaseGoli njengoba esegqigqa inkantolo ngecala lenkohlakalo Isithombe Timothy Bernard
SEKUQALA ukumcasula ukugqigqela ubala enkantolo obeyiMeya yaseGoli obhekene necala lokuqola abantu imali esebenzisa umasingcwabisane.
UMnuz Kabelo Gwamanda uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseProtea, eSoweto ekuseni.
Icala lenkohlakalo athweswe lona lihlehliselwe uJanuwari 28 ngonyaka ozayo enkantolo efanayo.
UGwamanda, ungaphandle ngebheyili, utshele inkantolo ngommeli wakhe ukuthi usekhathele “ukubanjezelwa nokuhlehliswa njalo” kwecala.
Phambilin icala lahlehliswa ngoba uGwamanda wayefune ukuba ahlinzekwe ngemininingwane esedokodweni.
Izolo inkantolo ilihlehlise ngoba ifuna ukuzwa ukuthi uMbuso usukulungele yini ukuqala ukuqulwa kwecala.
UGwamanda naboshwe naye basolwa ngokuthi phakathi kweminyaka u-2011 no-2012 babenenkampani Ithemba Lama-Afrika abantu ababekhokha kuyona imali “yomshwalense.”
Kuthiwa omunye wababekhokha kodwa ongahlomulanga wavula icala, uphenyo lwaholela ekutheni kube wukuqala kwezinkinga kuGwamanda.
Emva kwalokho ube esesuswa esikhundleni sokuba imeya yaseGoli kwangena uMnuz Dada Morero.
Wafakwa esikhundleni sokuhola ikomiti elibhekele ukuthuthukiswa komphakathi. UMorero wabe eseqala uphenyo lwangaphakathi emkhandlwini.
Uphenyo luphethe ngokuthi uGwamanda asuswe kulesi sikhundla kodwa waqhubeka waba ikhansela elijwayelekile leqembu lakhe i-Al Jam-ah.
Esikhundleni sakhe kwangena ikhansela lePatriotic Alliance, uMnuz Tebogo Nkonkou.
Kwavela nokuthi inkampani kaGwamanda yayenza umsebenzi ngaphandle kokuba nemvume eyigunyazayo.
Related Topics: