UMNUZ Mkhuleko Hlengwa oyiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha evuselelela onembeza ebantwini mayelana nokuphepha emgwaqweni Isithombe: SITHUNYELWE
UMNYANGO wezokuThutha ukholwa wukuthi ukuya kweziphathimandla zawo emphakathini, zixoxe nabagibeli, kungase kulekelele ekunciphiseni isibalo sezingozi nokufa kwabantu emigwaqweni.
Lokhu kuvezwe uMnuz Mkhuleko Hlengwa oyiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha eNingizimu Afrika.
Usho kanje ngesikhathi ehambele emarenki amabhasi nawamatekisi amabanga amade eMnambithi ngoLwesithathu.
“Sixoxisana nabantu abathinekayo odabeni lwezokuphepha. Lokhu kubandakanya abashayeli, abagibeli nabasebenza khona emarenki abahwebayo,” kusho uHlengwa.
Uveze ukuthi minyaka yonke kushona abantu abalinganiselwa ku-12 000 ngenxa yezingozi zomgwaqo.
Uqhube wathi u-10% wabafayo babhubha ngesikhathi samaholidi kaDisemba.
UHlengwa ubekade eshumayela ivangeli lokuphepha emgwaqweni ehambisana neziphathimandla namaphoyisa omgwaqo aqhamuka kuzona zonke izinhla zikahulumeni..
“Njengomnyango sijube amaphoyisa iNingizimu Afrika yonke. Akuyo yonke imizila okuyiyona esiyibonile ukuthi inobungozi obusezingeni eliphezulu,” kusho uHlengwa.
Ukhale ngophuzo oludakanayo wathi kunabantu okuthi uma sebedle amanzi amponjwana bangene emgwaqweni.
Uveze ukuthi u-45% wabantu abashona emigwaqweni yakuleli abasuke behamba ngezinyawo.
Uthe yingakho kubalulekile ukuthi bakhulume nabo ngqo.
“Sikhuza umkhuba wabantu abashayela namaselula esandleni beko-WhatsApp bephendula nemiqhafazo. Bese kuba yilaba ababizwa ngama-influencer abasuke benza ama-content. Ucwaningo luthi uma ushayela uphethe iselula esandleni, umqondo uyaphazamiseka ngemizuzwana,” kusho uHlengwa.
Uthe lokhu kwenza ukuthi lowo okumele ngabe uthatha isinqumo esiqondene nokuphepha emgwaqweni agcine ephazamiseka angabe esakwazi ukwenza.
Uthe awuyekwe lo mkhuba odlangile.
Ukhuthaze abashayeli, ikakhulukazi abahamba amabanga amade ukuthi njalo emva kwamahora amabili noma kuka-200 km baphumuze umqondo nomzimba kuthole umoya.
Ugcizelele ukuthi abantu abafunde ukugcina isikhathi.
“Enye yezinto esiyibonayo eyokuthi abantu bazama ukukhava isikhathi ngokugijima. Ukuhluleka ukuhlela isikhathi sakho kunomthelela ekutheni izimoto zihamba kanjani emgwaqweni,” kusho uHlengwa.
Uthe abantu abafunde ukuhamba emizileni efanele ngejubane elisuke libekelwe khona. Uthe umzila wakwesokudla owezimoto ezigijimayo.
Uthe kubekwa imigomo yejubane ngesizathu emgwaqweni ukuze ukuhamba kwezimoto kungaphazamiseki wakhuza athe banenkani futhi bayaqhenya abathatha imoto ehamba kancane bayifake emzileni wezimoto ezigijimayo.
Uthe lokhu kugcina sekuphazamisa ezinye izimoto ziphoqeleke ukuthi zisike ngakwesokunxele, okuyinto ephambene nemigomo yokushayela emgwaqweni.
Related Topics: